Umkhumbi wokudoba ngumkhumbi osetsheziselwa ukudoba, noma onemishini yokudoba, noma ukuvuna izinhlanzi noma ukwelekelela imisebenzi ephathelene nokudoba. Loku kufaka phakathi noma yimuphi umkhumbi olekelela umkhumbi owodwa noma eminingi olwandle eyenza umsebenzi ovumelekile ophathelene nokudoba izinhlanzi - loku kufaka phakathi ukulungisa izinhlanzi, ukuzithwala, ukuzigcina nokuzibeka emakhazeni. Inhlangano yase South Africa ephethe ezokuphepha kwasemanzini I- SAMSA kanye negatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha kumele kube yibo abakhipha imvume yokuthi umkhumbi uyodoba.
Awukho umkhumbi ozobhaliswa ngaphandle kwelungelo lokudoba kanye nephomedi yokwenza imisebenzi ephathelene nokudoba.
Yenza amalungiselo okuthi umkhumbi uyohlolwa ukuthi ulungele yini ukuthi uhambe emanzini, emva kwaloko abakwa SAMSA bazokhipha isitifiketi sokuphepha. Lesitifiketi sizohambisana namaphepha akho akubhalisa.
Gcwalisa ifomu lakho ngesandla usebenzise amagama amakhulu ufake nezizathu lapho kudingekile.
Thumela isicelo sakho kanye nelungelo lakho lokudoba noma ikhontilaka yakho nomnikazi womkhumbi yokusebenzisa umkhumbi wakhe uma ungenawo amalungelo okudoba.
Isicelo sakho singathatha izinsuku ezintathu noma ngaphezulu kuya ngokuthi amaphepha aphelele yini.
